Media statements
UMcwaningimabhuku-jikelele ubika okuyela ebungconweni okuphawulekayo maqondana nemiphumela yokucwaningwa kwamabhuku ezimali zohulumeni basekhaya.
EKAPA – Umcwaningi-mabhuku-jikelele, uKimi Makwetu, uthe izolo, kuyisinyathelo esincomekayo maqondana nokuphatha okuhle emkhakheni womphakathi eNingizimu Afrika, ukwanda okuphawulekayo kohulumeni basekhaya nemisebenzi yawohulumeni basekhaya abamukele imibono yokucwaningwa kwamabhuku ezimali ngokungekho ezingeni, eyayingakhombisi imiphumela yocwaningo onyakeni-zimali 2013-2014.